“I-NPA iyaqhubeka nokukhathazwa abantu abazibambela umthetho ngezandla, okuvame kakhulu eKhayelitsha kulezi zinsuku," kusho okhulumela iNPA uMthunzi Mhaga.
I-NPA ikhathazekile ngokwanda kwabantu abazithathela umthetho ngaphandle kokuba inkantolo ikhiphe isinqumo ngezinsolo asolwa ngazo umsolwa.
"Lobu akubona ubulungiswa, ubugebengu," kusho uMhaga esitatimendeni.
Ubekhuluma ngokukhula kwabahlaselwa ngoba besolwa ngobugebengu eKhayelitsha, eKapa.
Ngempelasonto omunye osolwa ngobugebengu obephume ejele ngebheyili ugaxwe ithayi washiswa.
Le ndlela yokubulala yayisetshenziswa kakhulu ngezikhathi zobandlululo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho