Cape Town - Ubulungiswa eNingizimu Afrika butholakala
ezinkantolo zakhona, kusho iNational Prosecuting Authority ngoLwesithathu.
“I-NPA iyaqhubeka nokukhathazwa abantu
abazibambela umthetho ngezandla, okuvame kakhulu eKhayelitsha kulezi
zinsuku," kusho okhulumela iNPA uMthunzi Mhaga.
I-NPA
ikhathazekile ngokwanda kwabantu abazithathela umthetho ngaphandle kokuba
inkantolo ikhiphe isinqumo ngezinsolo asolwa ngazo umsolwa.
"Lobu akubona ubulungiswa,
ubugebengu," kusho uMhaga esitatimendeni.
Ubekhuluma ngokukhula kwabahlaselwa ngoba
besolwa ngobugebengu eKhayelitsha, eKapa.
Ngempelasonto omunye osolwa ngobugebengu
obephume ejele ngebheyili ugaxwe ithayi washiswa.
Le ndlela yokubulala yayisetshenziswa kakhulu
ngezikhathi zobandlululo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA