Johannesburg - UZwelinzima Vavi ngeke alubhade futhi emhlanganweni oyisipesheli weCosatu, nokuzobe kungokwesibili esikhathi esingaphansi kwenyanga.
Umhlangano ungoMsombuluko, kanti kulindeleke ukuba kudingidwe kuwona ikusasa likanobhala jikelele womfelandawonye.
UVavi uthi ngeke abeyingxenye yomhlangano njengoba iningi lezinyunyana zishaywe ngesithende kuwona.