Johannesburg - ICosatu isisamukele isinqumo sikamqeqeshi wamaSpringbok, uHeineke Meyer, sokufaka abadlali bebala elimnyama eqenjini elizodlala emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba kulonyaka.
Lo mfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi phambilini uzwakalise ukungenami ngokungabonakali kwezinguquko, uTony Ehrenreich waze waphakamisa ukuba axoshwe uMeyer.
Funda nalolu daba: Obulewe wafihlela ngisho umyeni ukuthi angase abulawe
Ngemuva kwesimemezelo, u-Ehrenreich uthe iqembu elimenyezeliwe limele wonke umuntu kunangezikhathi ezedlule.
Nabanye abantu futhi ezinkundleni zokuxhumana nabo basamukele lesi sinqumo sikamqeqeshi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.