Cape Town - Lokhu kuzwakala njengeculo, kodwa akulona, yisomo iningi labantu baseNingizimu Afrika abazithola ngaphansi kwaso uma bengeniswa ezikhungweni zakuleli zokulashelwa izidakamizwa, kubika i-eNCA.
Uma kukhulunywa ngokusetshenziswa kwezidakamizwa ngokungemthetho, abantu baseNingizimu Afrika basebenzisa kakhulu insangu.
EsiFundeni
esiseNyakatho, eMpumalanga naseLimpopo, insangu ihamba phambili, kanti yisona
sizathu esenza abantu baze bangeniswe ezikhungweni ezilapha abadla
izidakamizwa.
Funda nalolu daba: IWestern Cape ihamba phambili ngawezidakamizwa.
Nakuba iningi labantu ezweni lisebenzisa kakhulu insangu, isifundazwe saseWestern Cape sisebenzisa kakhulu isidakamizwa icrystal meth, kanti yisona esingenisa kakhulu abantu ezikhungweni ezilapha abadlala izidakamizwa.
Lokhu kungokusho kwezibalo ezihlanganiswe yiMedical Research Council’s SA Community Epidimiology Network on Drug Use embikweni wayo.
Umbiko uhlanganiswe kusetshenizwa imininingwane etholwe ezikhungweni ezilapha abadla izidakamizwa ezweni lonke. – "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.