Johannesburg - Inyunyana iNumsa, isikugxekile "ukuhlaselwa" koMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, okwenziwe yi-ANC.
Inyunyana ithi iyakweseka ukuthi uMengameli wezwe uJacob Zuma, akhokhe ingxenye yemali ekwalungiswa ngayo umuzi wakhe oseNkandla.
"INational Union of Metalworkers of SA ikungxeka ngazo zonke izndlela ukuhlaselwa kukaMadonsela," kusho isitatimende esithi wonke umsebenzi wakhe uwenze ngendlela egculisayo.
Umsindo okhona phakathi kukaMadonsela ne-ANC, uqubuke ngemuva kokuputshuka kwencwadi eyabhalwa uMadonsela eyibhalela uMengameli uJacob Zuma, kukhulunywa ngokukhokhwa kwemali eyasebenza kulungiswa umuzi wakhe oseNkandla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.