Johannesburg – INingizimu Afrika yizwe elishodelwa ngamanzi okuyinto esidale
izinkinga eziningi emiphakathi eyahlukene ngokusho kukaMengameli Jacob Zuma.
“Iya
ngokwanda inking yamanzi kuleli ikakhulukazi njengoba kunokuguquguquka kwesimo
sezulu emhlabeni jikelele,” uMengameli Zuma ethula inkulumo eGiyani eLimpopo
ngoLwesihlanu.
“Amanye ahlangabezana nezinkinga eziningi okuhlanganisa
izikhukhula nesomiso.”
UZuma uqhube
wathi akuyona iLimpopo kluphela ebheke nenkinga yamanzi kodwa nezinye
izifundazwe zibhekene nenkinga efanayo.
OLUNYE UDABA: Udephule ingane ngamazinyo ogulayo
“Lapho kunenkinga yamanzi kuningi
okonakalayo okuphathelene nesimo sempilo kwazise amanzi ayimpilo. Ngaphandle
kwamanzi impilo inzima,” esho.
UMengameli ubehambele kule ndawo ngokohlelo
lwakhe alubiza ngeSiyahlola.
Kubikwa ukuthi kule ndawo izindawo ezibalelwa
ku-55 zibhekene nenkinga yesomiso kanti umphakathi ngaphansi koMkhandlu iMopani
usuzwakalise izikhalazo eziningi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho