Cape Town – Inhlangano iSes'Khona People's Rights Movement ayizami ukuthatha amaphuzu ngodaba lwaseLwandle, lokhu kutshelwe isigcawu esiphenya ngokukhishwa kwabantu kule ndawo ngoMsombuluko.
"Ngesikhathi iSes'Khona ifika kukhishwa abantu ezindlini zabo, kwakungekhona okokuqala ifika kuleya ndawo.
NgoJanuwari, kukhishwa abantu okokuqala sabizwa ngumphakathi ucela ukuba siwusize, sasingazi muntu khona,” kufakaza umholi wale nhlangano, uLoyiso Nkohla.
ISes'Khona Rights Movement akuyona inhlangano engusomathuba ehlala ifuna ukugqama."
Isigcawu sophenyo mayelana nokukhishwa kwabantu eLwandle besilalela ubufakazi ngenhloso yokuthola ukuthi ngabe okwenziwa yi-SA National Roads Agency Limited (Sanral) kwakuphambene yini nomthetho.
UNkohla uthe esinye isikhulu senhlangabno, u-Andile Lili, sakwazi ukuthola incwadi yenkantolo eyayigunyaza ukukhishwa kwabantu kuleya ndawo.
"Thina sikholelwa ukuthi ngisho noma ngabe wawuthini umyalelo wenkantolo, iJaji noma iMantshi esile kahle ekhanda kwakumele ithathe esinye isinqumo, icabangele abantu.”
Usola uNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille ngokuqamba amanga ngale nhlangano waphinde wamchaza njengentombazane ecwasayo.
Uphenyo luyaqhubeka.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.