Johannesburg - Ngemuva kokusebenzisa imali engu-R54m, kulo nyaka, iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, usecele ukwengezelwa ngo-R10m, kuze ezokwazi ukubhekana nezindleko.
Ngokusho kwabezindaba zeSunday Times kunombango okhona phakathi kwabengamele isikhwama sasendlunkulu iRoyal Household Trust naboMnyango obhekele okwenzeka ebukhosini.
Umthombo ongaphakathi uthi izinkinga zidalwe yiSilo uqobo, ekuthiwa sisaphaza imali ngokunganaki.
"Akulula ukunqaba uma iSilo kukhona esikufunayo, noma yini esiyibizayo iyenzeka," kusho umthombo othi iSilo sasebenzisa imali engaba ngu- R4m, ngesikhathi sigcagcelwa undlunkulu wesithupha ngenyanga kaJulayi.
Kuthiwa sathenga ikhekhe losuku lokuzalwa, lika-R10 000.
Amaphepha abonwe yiphephandaba athi isilo sicazelwa u-R10.3m nognyaka, ondlunkulu babelwe u-R2.2m, kube u-R2.5m wezindleko zokugibela no-R915 248, wezindleko zokufunda zamazinyane eSilo angu-27.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.