Cape Town – Kuzoba nezinguquko ngesikhathi okungena ngaso iGenerations
kusukela ngo-October njengoba inhlangano yezokusakaza i-SABC isiphoqeleke ukuba
yenze izingququko ngenxa yokushoda kweziqephu zalo mdlalo.
Ngokubika kwe-Channel 24 kuzokhumbuleka ukuthi
abalingisi abangu-16 baxoshwewa kulo mdlalo ngemuva kokuthi bengenele isiteleka
bengakhala ngokuxhashazwa yile nhlangano yezokusakaza nayizikhulu
zeGenerations.
IGenerations ibalwa nezinye izinhlelo ezihamba phambili kuleli
kanti iyona eziholayo emdlalweni wochungechunge kuleli.
OLUNYE UDABA: Babeke phansi amathuluzi abe-Generations
Ngokubika kweChannel 24
i-SABC ithe kusukela ngomhlaka -1 ku-Okothoba ngeke usabonakala lo mdlalo
komabonakude kanti kuze kushaye uDisemba.
“Lokhu akuchazi ukuthi kuphelile
nge-Generations kodwa kuzobe kusaqhuba isikhathi sokuthi kuqoshwe iziqephu
ezintsha,” kusho i-SABC.
Kubikwa ukuthi
kusukela ngomhlaka 1 ku-Okthoba iSkeem Sam sizongena ngo-08:00 kusihlwa.
Le nhlangano iphinde yanxusa ababukeli ukuthi
bababekezelelel njengoba besazama ukuxazulula inking yeGenerations yathembisa
ukuthi konke kuzobuyela esimeni ngokuhamba kwesikhathi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho