Johannesburg - Inyunyana yabasebenzi iSolidarity isixwayise i-ANC ngokuthi ukuphakanyiswa kokuthi kube ne-super tax ezimayini kungase kubambezele ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi kulo mkhakha.
Lesi siphakamiso sokuthi kube nentela ka-50% enzuzweni eyenziwayo uma idlule ku-15% izodikibalisa intuthuko, kusho usomnotho weSolidarity Research Institute, uPiet le Roux.
Ngokwalo mbiko, le super-tax kulindeleke ukuba ingenise imali ebalelwa ku-R40 billion ngonyaka uma kusetshenziswa amanani akhona njengamanje.
Kodwa uLe Roux uyasihlaba kakhulu lesi siphakamiso.
Bakhala ngokuthi i-ANC yona ibeka isikhathi esingunyaka, kodwa iyakhohlwa ukuthi abezimayini kwesinye isikhathi kumele bahlale isikhathi eside umsebenzi ungenzeki.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA