isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Iciko lincome uMurray ngomdwebo ongoZuma

2012-05-23 12:02
Johannesburg - Iciko laseKapa selincome uBrett Murray ngomdwebo wakhe ongundabamlonyeni oveza uMengameli uJacob Zuma ekhamisise uziphu webhulukwe kuvela ubuyena ngaphandle, kubika iphephandaba iThe Star

U-Ayanda Mabulu owaziwa ngokubhuqa, uthi umdwebo kaMurray i"The Spear", ngumdwebo onamandla.

UMabulu ugxeke iqembu i-African National Congress ngokuya enkantolo liyozama ukuthi kuvalwe lo mbukiso.

"I-ANC insundu futhi ayifundile. Kumele baye esikoleni bayofunda babuye kusasa."

UMabulu uthi ubuciko abazi bala nazilimi.

Ngonyaka ka-2010 uMabulu wadwea uZuma eveze ngaphandle ubuntu bakhe.

Waqamba umdwebo wakhe wathi "Ungcono ulupholo kunesicebi esidonswa ngekhala".

Kulo mdwebo uZuma wabe enabaholi abahlanganisa uBarack Obama, Nelson Mandela, kanye noDesmond Tutu.

UTutu naye wabe enqunu esithombeni.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

SAPA
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)