Johannesburg - Ubekwe ekhaya lakhe lokugcina umagciwa wakwaMpengesi uZenande, owashona ngoMgqibelo owedlule ngemuva kokuminza e-swimming pool yakubo.
UZenande uyindodana yesikhulu seChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi.
Ingane ifihlwe emathuneni aseMaitland, umndeni uphelezelwa yizihlobo namalungu ebandla i-Universal Church of the Kingdom of God.
Funda lolu daba: Kushone ingane yesikhulu seChippa
Abanye abahambele umngcwabo kube yizicukuthwane ezihlanganisa nePhini likaNgqongqoshe wezemiDlalo uMaggie Sotyu, uNgqongqoshe uNomafrench Mbombo nesikhulu se-Absa Premier Soccer League u-Irvin Khoza.
UKhoza ukhulume wathi: “UMgqibelo kwakumele kube wusuku olukhulu
eqenjini iChippa kodwa suku lwaphensuka lwaba ngolunomunyu."
AmaChilli Boys ashaya igoli laba linye yehlula i-Orlando Pirates.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
-Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook