Johannesburg - UMpho kubikwa ukuthi ubedlala nezinye izingane endaweni yaseVosloorus extension 28 e-Ekurhuleni empumalanga neGoli ngesikhathi engena ebhakedeni elinamanzi.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo, wakhe ubeshanela igceke.
“Ibhakede belingaphakathi emjondolo wethu. Umama wami, ugogo kaMpho, uubuye ezitolo wazithela kuMpho esebhakedeni," kukhala uZandile.
“Bekungathi ngibukele isithombe. Ikhanda likaMpho belicwile phakathi ebhakedeni, izinyawo zisemoyeni.
“Sibe sesiphuthuma emtholampilo lapho ekuqinikesiswe khona ukuthi useshonile," kusho umama wengane.
Umama kaZandile, uFlora Mthembu, oneminyaka engu-48 ubudala uthe kunzima ukwamukela ukuthi ingane isishonile.
Uqhube wathi: “UMpho ubenesisindo kodwa ngisho kunjalo ibhakede alizange liwe ngesikhathi engena phakathi.”
Amaphoyisa nonesi bebengakholwa ukuthi ugwilize ebhakedeni, kubika abeDaily Sun
“Angisebenzi,’’ angazi ngizoyithathaphi imali yokumngcwaba, kusho uFlora.
UCaptain Godfrey Maditsi uthe:" kuvulwe icala."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho