Share

Ikhabhinethi yakuleli ihola elingana neyabase-UK

Cape Town – Ihhovisi likaMengameli Jacob Zuma seliveze ukuthi ukuba nesibalo esiphezulu sekhabhinethi kwenza umsebenzi uhambe kahle ukudlulisela ngezidingo kubantu baseNingizimu Afrika.

I-News24 ibheka kabanzi ukuthi amanje amazwe akwazi kanjani ukudlulisa izidingo kubantu ngamakhabhinethi anesibalo esincane kunesakuleli. 

Izindaba ezisanda kuphuma wukuthi ikhabhinethi kaZuma yoNgqongqoshe namaSekela abo abangu-74, idla imali yabakhokhi bentela imali elinganiselwa ku-R1.6billion njengoba iningi labantu bakuleli bezoba noKhisimusi omnyama. 

Isibalo sabantu abalahlekelwa yimisebenzi siyaqhubeka nokwenyuka, iziteleka ziyanda kanti inqwaba yalabo abasebenzayo bacwile ezikweletini.  

Kubikwa ukuthi oNgqongqoshe bahola imali engu-R2.1m ngonyaka bese kuthi amalungu ePhalamende wona agoduke noR933 000 nganyaka.

OLUNYE UDABA: UZuma akalibalekeli iPhalamende - Maharaj

Nakuba kunjalo kodwa ihhovisi likaMengameli lisaqhubeka nokusho ukuthi isibalo soNgqongqoshe sikahle kakhulu futhi “siyadingakala ukulethela abantu baseNingizimu Afrika izidinga-ngqangi”.

Kubikwa ukuthi amalungu ePhalamende akuleli ahola ngaphezulu kunamanye amalungu akwamanje amazwe okubalwa kuwo iFrance R919 000, Switzerland R882 000 neSpain R466 000 ngonyaka. 

Kubikwa ukuthi imiholo yabalungu ePhalamende akuleli noNgqongqoshe isezingeni elifanayo namazwe athuthukile.

IJapan iyona ehamba phambili ngokuholela osopolitiki izizumbulu zetshe lemali emhlabeni jikele njengoba ilandela yi-Australia, Italy ne-America.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 929 votes
No! It's time to move on ...
33% - 452 votes
Vote
Rand - Dollar
18.83
+1.0%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.14
+1.3%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.3%
Platinum
921.70
-0.4%
Palladium
958.00
-3.3%
Gold
2,334.39
+0.1%
Silver
27.22
-0.8%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE