Johannesburg - Imantshi yaseMpumalanga ibize umlisa ngenja ehlale ikhanukela ucansi ngokuhlasela umzala wayo owayemnqaba ukulala naye.
Umsolwa, uSifiso Nkuna, 22, wasendaweni yaseMangweni ngasemgceleni waseSwazini, ugwetshwe isinsuku ezingu-150 ebhadla ejele ngoMsombuluko noma ihlawulo ka-R1 500.
Utholwe necala lokuzama ukunukubeza ngokocansi kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza kanye nokwephula umyalelo wenkantolo, ngemuva kokuhlasela uThembi Lushaba, 32, naye ongowaseMangweni, ngo-Agasti kulo nyaka, kubika intatheli yeSapa.
"Mnumzane, isisulu, okuyisihlobo sakho, sidala ngeminyaka eyishumi kuwena.
Ufana nomgodoyi ohlale udla noma yini okuphambi kwawo,” kusho imantshi.
Funda nalolu daba: Okusha ophenyweni ngokuthengwa kwezikhali.
Imantshi iphinde yathi uNkuna kumele athandane nontanga bakhe.
"Uma uqhubeka nokujola nabantu abadala kunawe, noma uphuza ngokweqile, uzokwehlelwa umdlandla wocansi ugcine ungasabatholi nabantwana,” usho kanje.
“Awuthi ngike ngikunikeze izeluleko. Ngicela ujole nabantu abasebasha,
uhlukane nezikorokoro,” kusho imantshi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.