Johannesburg - Kuphazamiseke ukuhamba kwezitimela ePitoli ngoLwesine ekuseni ngenxa yemashi yamalungu enyunyana iSouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu).
Kubikwe ukuthi amalungu angaphezu kuka-3 000 eSatawu amasha eziteshini zezitimela ezahlukene kanti ahlele ukuthi ethule izikhalazo kubaphathi bakwaPrasa nabakwaMetrorail ngoLwesine ekuseni.
OLUNYE UDABA: Ababhikishi bashise izitimela eKhayelisha eKapa
Okhulumela abakwaPrasa uLilian Mofokeng uthe izitimela zihamba ngokujwayelekile eningizimu neGoli kodwa enyakatho neGauteng ziphazamisekile, kubika i-eNCA.
"Sesikwazile ukwazisa abagibeli ukuthi izitimela zizobambezeleka lapha nalaphaya. EPitoli zihamba ngohlelo lwangezimpelasonto," kusho uMofokeng.
Imizamo yokuxhumana nokhulumela iSatawu, uRefiloe Lepere ,ayizange iphumelele
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho