Durban – Sekuqubuke ukwesaba ngodlame olubhekiswe kwabokufika endaweni yaKwaMashu, enyakatho yeTheku.
Lokhu kungemuva kokuba abantu ababili baseSomalia bengeniswe esibhedlela kulandela ukushishwa kwezitolo zabo ngeledlule.
Lesi
bekuyisehlakalo sesibili sokuhlaselwa kwabokufika esikhathini esingangesonto.
Funda nalolu daba: Sekuboshwe 7 ngokubulawa kwabayisithupha.
Imeya yeTheku, uJames Nxumalo kulindeleke ahlangane nomphakathi ngoLwesine ngemizamo yokupholisa isimo.
Abazibonele, abangafunanga ukudalulwa, bathe abasolwa bebetshela izisulu ukuthi: “Abokufika abamukelekile kule ndawo.”
Amaphoyisa ayaqhubeka nokwenza uphenyo kodwa akukaboshwa muntu, kubika i-eNCA.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).