Johannesburg - Inhlangano emele abathengisi botshwala emalokishini iTownship Liquor Industry Association isihlaba iyasihlikiza isiphakamiso sokuvalwa kokubhenywa kukagwayi ezindaweni zomphakathi ezihlanganisa namajoyinti.
"Asazi sizomelana kanjani nalo mthetho njengoba sisebenzela emalokishini, indlela yethu yokusebenza ayifani, izimo zakhona azifani," kusho umengameli wenhlangano uTembile Ntlokwana.
"Akusithokozisi ukuthi uhulumeni asitshele ukuthi siwenze kanjani umsebenzi wethu ngaphandle kokubonisana nathi."
Umthetho omusha uzovimbela abantu ukuthi babhemele kunoma yikuphi ezindaweni ezisemphakathini, isolwandle, isemapaki, kanjalo nasemgwaqeni.
Inhlangano lena ithi ikhathazekile ngokuphepha kwabantu abazobe bezophuza uma kuzofanele babuye babe buqamama ekusitheleni kuze bengeke baphule umthetho wokubhenywa kukagwayi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
SAPA