Le ngozi yenzeke ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula imoto yakhe ngabo-13:00 ngoLwesihlanu, kusho okhulumela iRescue Care uGarrith Jamieson.
OLUNYE UDABA: Kusolwa amabhuleki engozini ebulale izingane
"Abosizo lokuqala bakwaRescue Care bathole ukuthi le moto iphaphalaze yashayisa ezinye izimoto ezimbili ebezimile, zase zona zishayisa izingane ebezilinde izinto zokugoduka.”
Umshayeli nezingane bathole ukwelashwa endaweni yesehlakalo base bephuthunyiswa esibhedlela.
Le yingozi yesithathu KwaZulu-Natal ebandakanya izingane zesikole kuleli sonto.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho