Johannesburg - Ukulalelwa kwekhomishana ephenya ngokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo yasoThongathi, luhlehle ngesikhathi kusaqubuka imibuzo ngokuthi ngabe uhulumeni wakuxhasa yini ukwakhiwa kwale nxanxathela.
NgoLwesithathu kuphoqeleke ukuthi kuhlehliswe ikhomishana, ngenxa yokushoda kwezinsiza zokuqopha.
NgoLwesibili
uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uLindiwe Sisulu, ukhulume waveza
ukuthi wafaka uxhaso ekwakhiweni kwenxanxathelo.
Funda nalolu daba: Kuhlolwa indawo yesehlakalo oThongathi
"Inhlekelele enkulu ngokuwa kwesakhiwo ukuthi kwamina uqobo ngangixhasile. Ngilindele ngabomvu ukuzwa umbiko wophenyo."
Ukusho kukaSisulu kuzwakale kushayisana nokukaRavi Jagadasan, owatshela ikhomishana wathi ukwakhiwa kwenxanxathela kwabe kungumsebenzi wakhe eyedwa.
Kwashona abantu ababili kwalimala abangu, 29, ngesikhathi kuwa isakhiwo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.