Cape Town - Owesilisa waKwaZulu-Natal ulunywe wahlatshwa yimvubu yamanzi ekhaya lakhe eSt Lucia ngesikhathi ephuma kulandela ukuzwa umsindo, kusho iSimangaliso Wetland Park ngoLwesihlanu.
Lo msebenzi weZemvelo KZN Wildlife u-Anthony Swatton
kudingeke ukuthi ahlinzwe isipesheli emuva kwalesi sigameko, esesimweni esibucayi kodwa esigculisayo, kusho okhulumela i-SWP uSiyabonga Mhlongo.
USwatton ubhekane nale ngwadla ngesikhathi ephumela emnyango ezwa izinja zakhe zikhonkotha ngoLwesine ebusuku.
"Ube esehlangabezana nale mvubu, emdonse yambuyisela eceleni emuva kokumluma umlenze yase imhlaba esiswini," kusho uMhlongo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA