Share

Indida ngemoto ethengelwe uMalema ngephutha

Johannesburg - Amalungu e-Economic Freedom Fighters athi imoto yohlobo lweGolf GTI yathengelwa uJulius Malema ngephutha kusetsheniswa imali yeqembu, kubika iCity Press ngeSonto.

Imoto kuthiwa yathengwa ngasekupheleni konyaka odlule ngemali yeqembu le-EFF, kodwa ayiveli emabhukwini eqembu.

Kuthiwa imoto yathengwa ngoSepthamba 8 egarajil ezimoto elisePolokwane ngemali ye-EFF.

Kunokuba ibhaliswe njengeyeqembu, yabhalwa ngenkampani ezimele, iVoorsprong Trading and Projects, umqondisi wayo okunguJimmy Matlebyane, umfundi oneminyaka engu-22 ubudala waseSeshego.

Funda nalolu daba: I-EFF ihamba phambili ekudaleni isiphithiphithi.

Phambilini umqondisi wale nkampani kwakunguTebatso Malema, okukholakala ukuthi ungumzala kaMalema.

Ngesikhathi uMatlebyane efonelwa ukuqinisekisile ukuthi ungumqondisi wenkampani futhi imoto yeGolf ingeyakhe.

Kodwa uvele waluvala ucingo ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe ithengwe ngemali ye-EFF yini.

UTebatso Malema uyakuphika ukuthi unobudlelwano noJulius Malema.

Okhulumela i-EFF uFana Mokoena uthe le moto ithengelwe ukuthutha izikhulu ze-EFF, wathi izobhaliswa ngaphansi kweqembu.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 927 votes
No! It's time to move on ...
33% - 451 votes
Vote
Rand - Dollar
18.84
+1.0%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.14
+1.3%
Rand - Aus dollar
12.30
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+2.2%
Platinum
921.60
-0.4%
Palladium
960.00
-3.1%
Gold
2,336.37
+0.2%
Silver
27.29
-0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE