Cape Town – Ucwaningo olwenziwe yinkampani iPharma Dynamics luveze ukuthi indlala yocansi kwabesifazane baseNingizimu Afrika idala ukhwantalala, ngokusho kombiko.
Kubikwa ukuthi lolu cwaningo lwenziwe kubantu besifazane abangu-700 abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene zempilo abaphakathi kweminyaka engu-18 no-55 ubudala.
Luveze ukuthi abesifazane abangalutholi njalo ucansi bayathikamezeka kancane engqondweni nokubenza babe nesifo sokhwantalala.