Johannesburg - Alikho ithemba lokuthi omakhelwano asebexabane iminyaka engaphezulu kwengu-30 bayophinde bazwane.
Ngokombiko we-Daily Sun uPhumla Mayengana oneminyaka engu-55 ubudala noNokaloku Witvoet oneminyaka engu-57 ubudala selokhu baxabana kusukela baqala ukuba ngomakhelwane endaweni yase-NU 15 eMdantsane e-East London.
Echaza ngokungezwani kwakhe nomakhelwane wakhe uPhumla uthe uNokaloku wayemhlukumeza emsola ngokuthi wathatha umuzi kadadewabo nakuba azama ngakho konke okusemandleni ukugcina ukuthula kodwa kwanhlanga zimuka nomoya kumakhelwane wakhe.
UPhumla uqhuba uthi uNokalokhu wayelokhu eqhubeka nokumhlukumeza kwazise ngelinye ilanga waze wajikijela uthuvi emzini wakhe.
Kuthiwa uPhumla waze wamvulela icala uNokaloku kanti kule zinyanga eziyishumi ezidlulile sebeyisane enkantolo kane.
Okucasula uPhumla kakhulu wukuthi amacala aphelela emoyeni kanti elikugcina lichithwe ngeledlule. “Okungixakayo lichithwa kanjani icali umnikazi walo engaziswa?
"Ngesikhathi ngibuya ngafika eziphuzela nabangani bakhe beshisa inyama begubha ukuchithwa kwecala,” kusho uPhumla.
Eziphendulela uNokaloku uthe kungamampunge ukuthi ukuthi wajikijela uthuvi emzini kaPhumla.
“Uyena owangisukela ngo-1995 futhi angikaze ngijikijele lutho kwakhe kunalokhu uyena obefaka umuthi egcekeni lami.
"Ngelinye ilanga ngabona umuthi ngosuku olulandelayo ngaphuka umlenze,” kusho uNokaloku enanela ngokuthi ngonyaka odlule wathuka ezwa ukuthi sekunencwadi evimbela ukuthi angasondeli eduze kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa uthe ukuqinisekisile ukuthi uPhumla wafaka incwadi yesivimbezelo kodwa umshushisa walichitha icala ngaphandle kwesizathu.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter