Share

Indle nomuthi komakhelwane asebexabane iminyaka

Johannesburg - Alikho ithemba lokuthi omakhelwano asebexabane iminyaka engaphezulu kwengu-30 bayophinde bazwane.

Ngokombiko we-Daily Sun uPhumla Mayengana oneminyaka engu-55 ubudala noNokaloku Witvoet  oneminyaka engu-57 ubudala selokhu baxabana kusukela baqala ukuba ngomakhelwane endaweni yase-NU 15 eMdantsane e-East London.

Echaza ngokungezwani kwakhe nomakhelwane wakhe uPhumla uthe uNokaloku wayemhlukumeza emsola ngokuthi wathatha umuzi kadadewabo nakuba azama ngakho konke okusemandleni ukugcina ukuthula kodwa kwanhlanga zimuka nomoya kumakhelwane wakhe.

UPhumla uqhuba uthi uNokalokhu wayelokhu eqhubeka nokumhlukumeza kwazise ngelinye ilanga waze wajikijela uthuvi emzini wakhe.

Kuthiwa uPhumla waze wamvulela icala uNokaloku kanti kule zinyanga eziyishumi ezidlulile sebeyisane enkantolo kane.

Okucasula uPhumla kakhulu wukuthi amacala aphelela emoyeni kanti elikugcina lichithwe ngeledlule. “Okungixakayo lichithwa kanjani icali umnikazi walo engaziswa?

"Ngesikhathi ngibuya ngafika eziphuzela nabangani bakhe beshisa inyama begubha ukuchithwa kwecala,” kusho uPhumla. 

Eziphendulela uNokaloku uthe kungamampunge ukuthi ukuthi wajikijela uthuvi emzini kaPhumla.

“Uyena owangisukela ngo-1995 futhi angikaze ngijikijele lutho kwakhe kunalokhu uyena obefaka umuthi egcekeni lami.

"Ngelinye ilanga ngabona umuthi ngosuku olulandelayo ngaphuka umlenze,” kusho uNokaloku enanela ngokuthi ngonyaka odlule wathuka ezwa ukuthi sekunencwadi evimbela ukuthi angasondeli eduze kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa uthe ukuqinisekisile ukuthi uPhumla wafaka incwadi yesivimbezelo kodwa umshushisa walichitha icala ngaphandle kwesizathu.  


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Will you use Amazon's newly launched SA website for your online shopping needs?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, I'm ready to fill up my cart
46% - 162 votes
No, I'm not buying into the hype
54% - 192 votes
Vote
Rand - Dollar
18.52
-0.2%
Rand - Pound
23.16
+0.3%
Rand - Euro
19.91
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.22
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
979.06
+1.3%
Palladium
975.00
-0.9%
Gold
2,313.86
-0.4%
Silver
27.25
-0.7%
Brent Crude
83.33
+0.4%
Top 40
70,790
+0.2%
All Share
76,930
+0.2%
Resource 10
61,038
-0.6%
Industrial 25
107,159
+0.1%
Financial 15
16,711
+0.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE