Share

Indodana kaZuma ifuna uMalema axolise

Durban – Umholi we-Economic Freedom Fighters  uJulius Malema ngoLwesibili uchithe indodana kaMengameli Jacob Zuma u-Edward ngokuthi ngeke axolise ngenkulumo yakhe ePhalamende futhi “akakhulumi nezingane yena”.

U-Edward unxuse ukuthi uMalema axolise ngenkulumo ayenza ePhalamende lapho athi umengameli uyisahluleki njengoba ehluleka ukuhola umndeni wakhe futhi indodana yakhe iyona ekhuthaza ukubulawa kwabokufika.

U-Edward utshele iNews24 ukuthi uma uMalema engaxolisi uzomyisa enkantolo ngokungcolisa igama lakhe.

OLUNYE UDABA: Ukuziqhayisa nobulima okwenziwe amavolontiya - Malema

Uthe lo mholi we-EFF kumele ayihoxise inkulumo yakhe ayenza ePhalamende.

“Ngifuna angitshele futhi atshele nezwe ukuthi yikuphi lapho engatshela khona abantu ukuthi ababulale.

Ngifuna futhi asho ukuthi ubaba wami uhluleke kanjani ukusilawula kunalokho ngizomfaka enkantolo,” kusho u-Edward.

UMalema uthe akanaso isikhathi futhi akanandaba no-Edward Zuma.

“Anginaso isikhathi sezingane.

Akangithinte uma efuna ukukhuluma ngobaba wakhe, anginaso isikhathi sakhe,” kusho uMalema ngaphambi kokuthi avale ucingo.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 751 votes
No! It's time to move on ...
33% - 375 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
+0.1%
Rand - Pound
23.79
+0.0%
Rand - Euro
20.41
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.7%
Platinum
924.70
-0.1%
Palladium
983.50
-0.7%
Gold
2,348.09
+0.7%
Silver
27.67
+0.9%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,102
+1.0%
All Share
75,018
+0.9%
Resource 10
62,955
+1.4%
Industrial 25
103,702
+1.1%
Financial 15
15,853
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE