Johannesburg – Amaphoyisa aphenya ngemibiko ethi umama wengane enenzinyanga ezingu-13 ubudala eshone ngemuva kokunyathelwa abantu ngoLwesihlanu ubengomunye walabo abebetapa esitolo ngoLwesihlanu.
Ngokombiko weSunday Times, umama wengane, uZanele Majozi, uthe ubesendleleni eya emtholampilo nengane yakhe , uNqobile, ngesikhathi edudulwa yisixuku sabantu abebebaleka, base begxoba ingane yakhe.
Kodwa abazibonele batshele iphephandaba ukuthi uZanele bambone ephuma ebaleka esitolo ephethe amaqanda kanye nesiphuzo.
Funda nalolu daba: Kushone usana olunyathelwe abantu eGoli.
Omunye wabazibonele, uPhindile Shabangu uthe uZanele uphume esitolo ebelethe ingane emhlane, iphuma igazi ngezindlebe, ngamakhala nangomlomo.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi bathole ingubo yengane esitolo kwathi izicathulo zakhe uZanele zona zatholakala emgwaqeni.
Ingubo nezicathulo kunikezwe amaphoyisa.
Phamabilini imibiko ibithi ingane ishone ngemuva kokunyathelwa abantu abebetapa esitolo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.