Protoria - Ngesikhathi owesilisa edlula ebona ingane idlala phezu kowesifazane obelele phansi, ubonile ukuthi kukhona okushaya amanzi, kodwa ubengakulindele akubone ngemuva kwalokho.
Lo mlisa upake imoto yakhe eduze kwabo eyobheka ukuthi kwenzakalani, nokuyilapho efike khona ingane enonyaka owodwa ubudala idlala phezulu kwesidumbu sikanina.
Owesifazane ubedutshulwe wabulawa, kanti kuthiwa udutshulwe ubaba wengane ogcine ezibulele naye.
Ozibonele uthe ushaqeke kabi ngesikhathi eya emsebenzini ngoLwesihlanu.
Funda nalolu daba: Kulimale amadoda achithwe yiveni kuN1
“Ngesikhathi ngimisa imoto ngiyobheka ukuthi kwenzakalani, ngibone ingane idlala ngegazi likanina,” usho kanje.
“Isidumbu sendoda sona besiseceleni. Ngibone owesifazne enenxeba lokudutshulwa ekhanda. Owesilisa ubegqoke umfaniswano wamasosha.”
Okhulumela amaphoyisa asePitoli uLieutenant Rebecca Phahlane uthe kuvulwe icala lokubulala kanti kuyaphenywa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.