Pretoria – Umengameli uJacob Zuma uvumile ukuthi ukuhlaselwa kwabokufika kwakamuva bekungekhona okokuqala kodwa wabe eseqinisekisa izinhlangano ezibamele ukuthi iningi labantu baseNingizimu Afrika alibazondi abokufika.
UZuma uhlangane nabamele izinhlangano zabokufika ezahlukene eNingizimu Afrika eSefako Mapogo Makgatho Presidential Guesthouse ePitoli ngoLwesihlanu.
Funda nalolu daba: 'Akungalanjelwa kwabokufika'
Bayisikhombisa abantu ababulewe odlameni KwaZulu-Natal naseGauteng emasontweni edlule.
UMengameli ubize umhlangano ngenhloso yokuzozwa izikhalazo zabokufika nokuzobazisa ngemizamo kahulumeni yokuqeda lolu dlame kanye nokuthola izisombululo, kusho ihhovisi likamengameli.
"Njengohulumeni siyakholelwa ekubhekaneni ngqo nezinselelo esibhekene nazo sonke,” kusho uZuma esitatimende ngemuva komhlangano.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.