Ngo-2006 u-Eric Nxumalo wafaka isicelo kuCommission on Traditional Disputes and Claims wathi ufuna ukubuyiselwa abe yiNkosi yamaShangane.
UNxumalo uthi uyisizukulwane sikaSoshangana owabalekela iNkosi yamaZulu uShaka, ngakho kumele kube nguye othatha umqhele.
Le khomishana yathola ukuthi ubukhosi bamaShangane baba phakathi kuka-1828 no-1897.
OLUNYE UDABA: Kungase kuyibhedele inkosi yabaThembu
Kuthiwa ngemuva kwalokho lesi sizwe sahlakazeka abantu baso baya ezindaweni ezifana noBushbuckridge eLimpopo, Zimbabwe naseMozambique.
Le khomishana ithi umsebenzi wayo ukuxazulula izindaba zomdabu ezaqubuka ngemuva kukaSepthemba 1927.
INkantolo yoMthethosisekelo ibe isichitha isicelo sikaNxumalo ngokuhlonipha isinqumo sekhomishana.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter