Johannesburg – INkantolo eNkulu yaseGoli ihoxise isinqumo seWits University sokumisa abafundi abayisikhombisa, okubalwa kubona nabayisithupha abangamalungu e-EFF, enyuvesi.
"Isinqumo senyuvesi sokumisa abafundi siyahoxiswa,” kusho uJaji Motsamai Makume ngoLwesine.
Uthe abafundi kumele bavunyelwe ukuba bangene kuzona zonke izindawo zenyuvesi.
Funda nalolu daba: Umfana, 7, uthole isidumbu sikanina sinqunu
UMakume uthe kodwa ukhetho lweSRC kumele luqhubeke njengokuba kuhleliwe.
Lokhu kusho ukuthi abafundi, kanye ne-EFF, ngeke babeyingxenye yokhetho.
UMakume uthe inyuvesi kuzomele ubenesigcawu sokuqondisa izigwegwe zingakapheli izinsuku eziyishumi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.