Durban – Sekuvele imibiko ethi induna yendawo ibhekene ngeziqu zamehlo namalungu ebandla lamaNazaretha, eShowe, enyakatho neKwaZulu-Natal.
UBheki Xulu, waseMlalazi, esigodini saseNcananeni, utshele iNews24 ngoLwesithathu ukuthi usebe yilungu lebandla lakwaShembe iminyaka engu-31.
Kuthiwa ukungaboni ngasolinye kwaqala ngonyaka odlule.
“Kwakunezinkinga emphakathini esihlala kuwo, udlame ludlangile kuhlezi kuliwa. Sabe sesithatha isinqumo sokubiza iNkosi uNyazilwezulu Shembe ukuba azokhulekela ukuthula endaweni.”
OLUNYE UDABA: Ziyaqhubeka izinkinga kumaNazaretha aseBuhleni
“Induna yethu iNkosi Busisiwe Mpungose, owayengekho kulo mkhuleko, wabhalela uShembe incwadi kepha wangayithola ngezizathu esingazazi.
“UMpungase kwamthukuthelisa kakhulu ukuzwa lokhu, wanquma ukuthi bonke abasonta kaShembe bangalubhadi esontweni kuze kube bahlawula ngenkomo.”
Ngesonto eledlule ibandla layihambisa le nkomo kepha uMpungose wayinqaba wathi bazohlangana esigcawini kubhungwe ngalolu daba.
Ethintwa uMpungose usole abebandla lakwaShembe ngokuqamba amanga, wathi akazi ukuthi intatheli ikhuluma ngani.