Johannesburg - Inyunyana yabasebenzi iSolidarity izobabela eNkantolo yezabaSebenzi ngoLwesihlanu ngoba ifuna kuboshwe ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega kanye noNgqongqoshe wamaphoyisa uNathi Nhleko.
Inyunyana ikholelwa ukuthi amaphoyisa ahluleka ukulandela umyalelo wenkantolo wokuba kubuyiselwe emsebenzini uColonel Kobus Roos.
Funda nalolu daba: Kudubuleke 2 kubanjwa inkunzi.
"Lokhu kungemuva kokuba uPhiyega noNhleko bedalule ukuthi ngeke benze lutho mayelana nokungawulandeli umyalelo wenkantolo wokubuyiswa kukaKobus Roos," kusho iphini likanobhala jikelele uJohan Kruger esitatimendeni.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.