Johannesburg - Iphoyisa lidutshulwe labulawa nguzakwabo endaweni yaseMelmoth, kusho amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Umufi, 27, udutshulwe ezama ukudubula ozakwabo banye, isehlakalo senzeke esiteshini abasebenzela kuso, kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane.
Ngaphambi kokuthi lidutshulwe leli phoyisa, lidubule labulala ingane yomfana eneminyaka emine ubudala, lalimaza amantombazanyana amabili.
Abezindaba zeCitizen, babike ukuthi iphoyisa lidubule izingane kubo kwentombi yephoyisa.
Imbangela yalokhu kubulala ibingakazeki, kusho uZwane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.