Free State - Isikhulu emaphoyiseni eFree State sishe sangqongqa nomuzi ngemuva kokuthi wokhelekele ngomlilo eBohlokong, kusho amaphoyisa esifundazwe ngoLwesibili.
USergeant Majang Skalkie uthe isidumbu ebese singamalahle sikaWarrant Officer Thabo Joseph Molantoa, 46, sitholakale ekhishini, umlenze ubhajwe kuma-burgular guards.
USkalkie uthe amaphoyisa, izicishamlilo nabasebenzi bezempilo babizelwe endaweni yesehlakalo ngo-15:40 ngoMgqibelo.
Ngaleso sikhathi umuzi ubusasha ubuhanguhangu.
“UMolantoa ubeyedwa endlini ngesikhathi ehlelwa yile ngwadla," kusho uSkalkie.
Akucaci kahle ukuthi umlilo lo uqale kanjani.
Amaphoyisa avule idokodo ngokufa komuntu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
SAPA