Durban –Iphoyisa elineminyaka engu-50 ubudala laseMpumalanga livume icala
lokwenza ucansi nentombazane eneminyaka engu-13 ubudala eNkantolo yesiFunda
eTonga.
Kubikwa ukuthi u-Inspector Dalton Zulu Nyambi waseSibayeni onqanqameni
lwaseSwazini neMozambique uzimele ngokwakhe leli cala ngesikhathi evele
enkantolo ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: Ligwetshiwe iphoyisa ngelokukhwabanisa
Kubikwa ukuthi
uNyambi obesebenza kwibhoda yaseLebombo utshelen inkantolo ukuthi wenza ucansi
nentombazane esencane ngemuva kokuphuza nayo ngomhlaka 10 kuSepthemba 2013.
Umbiko uveza ukuthi leli phoyisa liboshwe ngomhlaka 3 kuDisemba ngonyaka
owedlule kanti kuvela ukuthi washonelwa ngunkosikazi futhi unezingane zabafana
ezintathu namantombazane amabili.
Kubikwa ukuthi uxolisile wathembisa
ukuvakashela umndeni wentombazane ukuze axolise.
IMantshi u-Edgar Moletsane
ilihlehlisele uLwesine leli cala.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho