Durban - Iphoyisa laseThekwini lidubule labulala indodana yalo ekhubazekile eneminyaka engu-18 ubudala, ngaphambi kokuthi libhekise ngakulo umbhobho lizigqokloze.
Umbiko ukhishwe amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu.
NgoLwesithathu, iphoyisa lihambe layolanda indodana yalo la ebihlala khona eMerebank, kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane.
"NgoLwesine ekuseni, iphoyisa litholakale lishonile nendodana yalo, izidumbu zabo zitholakale olwandle eMkhomazi," kusho uZwane.
Endaweni yesehlakalo kutholakale isibhamu nencwadi ekukholakala ukuthi ibhalwe yiphoyisa.
Kuyaphenywa ngalesi sehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.