Kulelisonto abamabhanoyi bahlulekile ukuchaza ngemfundo kaBezuidenhout.
Kwimbiko yonyaka emibili uBezuinhout wachazwa njengomuntu owagogoda izifundo zeBCom degree neMBA kodwa kulelisonto abamabhanoyi bavumile ukuthi unomatikuletsheni kuphela.
NjengoSihlalo weBhodi le-SAA uDudu Myeni okwaphendukezelwa iqiniso lezemfundo yakhe uBezuinhout naye akanayo idegree.
OLUNYE UDABA: Inkantolo ithi akamiswe uMotsoeneng
UMyeni waqoka uBezuidenhout ukuba abeyibamba lesikhulu esiphezulu se-SAA kulandela isinqumo sokuba kumiswe isikhulu esiphezulu uMonwabisi Kalawe ngenyanga eyedlule.
Kamuva nje uBezuidenhout ungomunye wabantu abasohlwini losopolitiki nabasezikhundleni eziphezulu asebedaluliwe ukuthi abanazo zitifiketi zemfundo ephakeme kulonyaka, kubika iTimesLive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho