isiZulu

Isidumbu kubangwa imali yeselula

2012-06-15 11:28
Durban - Bebengabangani iminyaka, bebezitika ngotshwala bebolekana nezinto, kodwa ngoMgqibelo kuphele nya ngobungani babo ngesikhathi omunye egwazwa ebulawa kubangwa imali etholakale kuthengiswa iselula.

Abangani baseBhambayi ku-ward 57, eNanda, babange imali kwagcina ngokuthi uS’thembiso Mgobhozi, 25, agwazwe ngumngani wakhe amanxeba amaningi esiswini.

Iphephandaba iDaily Sun ithi namanje umsolwa ugcwele amathafa, ithi umufi nguye obephethe ikhaya ondla njengoba unina nabafowabo bengasebenzi.

“Asazi ukuthi bayithathephi iselula, bayidayisile base bebanga imali ngoba omunye ezinikeze eningi," kusho umthombo.

IKhansela lewadi uThulani Khunju ukuqinisekisile ukubulawa kukaMgobhozi wathi bazosiza umndeni ngezindleko zomngcwabo njengoba bengenalutho.

ULieutenant Colonel Vincent Mdunge uthi kuvulwe idokodo lokubulala, uthi kuzohlolwa isidumbu kuze kuzotholakala imbangela yokufa.


Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)