Share

Isigebengu sishayiswe yiloli eThekwini

Durban -  Indoda ishayiswe yabulawa yiloli emgwaqeni u-N2 eThekwini ibaleka iqeda ukwenza ubugebengu ngesibhamu sethoyizi ngoLwesine.

Abashayeli babingelelwe yizicubu zomzimba emgwaqeni eduzane nebhulohwe iKing Cetshwayo (Jan Smuts) Highway.

Ngokombiko wamaphoyisa umshayeli waseChesterville ume eceleni komgwaqo ngemuva kokuthi imoto yakhe iphume intuthu.

Ngesikhathi ehlezi elinde ukuthi injini yemoto yakhe iphole, kuqhamuke amadoda amabili ehlathini angqongqoza efasiteleni lakhe.

Amphoqa ukuba avule umnyango noma azodubula.

Lo mshayeli uzamile ukuhlehla kodwa imoto yangavuma.

Izigebengu zibe sezivula ngenkani zithatha iselula nesikhwama semali.

Ngesikhathi obedlula ngendlela esiza umshayeli omunye walezi zigebengu wangena emgwaqeni ebaleka wabe eseshayiswa iloli, kubika iDaily News.

Amaphoyisa athole iselula yomshayeli kumufi nesibhamu sethoyizi. Esinye isigebengu sibalekele sayongena emahlathini.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi lesi sigebengu sishonele endaweni yesigameko

Amaphoyisa aseSydenham ayaphenya ngalolu daba kanti kuvulwe icala lokweba nelokubulala

UZwane uthe akukaboshwa muntu. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1027 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1090 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE