Johannesburg - IPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) isizwakalise ukukhathazeka ngokukhula kwesibalo sokubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseqinisekisile ukuthi kuboshwe umsolwa eThemba kulandela ukubulawa kwephoyisa kubanjwa inkunzi.
Umsolwa uboshwe ngemuva kokuthi amalungu omphakathi elume amaphoyisa indlebe.
Amaphoyisa asathungatha isibhamu esisetshenzisiwe.
OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa ehostela eGoli
"Kuyasicacela manje ukuthi lezi zigebengu zingenza noma yini ukuqhuba ubugebengu," kusho owamaphoyisa uRichard Mamabolo.
Le nyunyana icele iziphathimandla emaphoyiseni ukuba ziqinisekise ukuthi amaphoyisa ahlome ngendlela ukuze akwazi ukuzivikela uma eqhuba umsebenzi.
Sekubulawe amaphoyisa amathathu kulezi zinsuku ezembili ezedlule.