Durban - Iphuthunyiswe esibhedlela ingane yomfana egwazwe emqaleni ngesikhathi iphume nabomndeni wayo beyodoba olwandle oluseThekwini ngeSonto.
UTristan Rubendran, waseWelbedacht, ubedlala onqenqemeni lolwandle eMerebank nabazala bakhe ngesikhathi ehlaselwa yindoda engaziwa.
Lo mfana uphuthunyiswe esibhedlela saseWentworth lapho efike wathola khona ukwelshwa.
OLUNYE UDABA: Kugwazwe ikhehla kubanjwa inkunzi eThekwini
Le ndoda iboshiwe ngemuva kokujahwa ngamaphoyisa nezinja zawo.
Abomndeni bathe ngoMsombuluko lo mfana uyelulama kodwa usashaqekile, kubika iDaily News.
Ubaba wengane yena uthe naye usashaqekile kodwa uyajabula ngoba indodana yakhe isaphila.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho