Johannesburg – Iqembu leCongress of the People (Cope) lifuna uMengameli uJacob Zuma athathele izinyathelo iphini likaNgqongqoshe wezolimo uBheki Cele ngamazwi akhe awasho ngokhomishana wamaphoyisa kazwelonke.
"Uma engazithathi izinyathelo, kuzobe kusho ukuthi uhulumeni uyakweseka ukuziphatha budlabha,” kusho okhulumela iCope uDennis Bloem esitatiemdeni ngoMgqibelo.
Funda nalolu daba: Kube nokuzamazama eGoli
"Siyazi ukuthi uCele owangakubo (kaZuma) kodwa lokho akumele kume endleleni yakhe.”
Engxoxweni abanayo nabakwaNews24 ngasekuqaleni kwesonto, uCele wathi amaphoyisa akwaSAPS aseyabheda selokhu kwaphatha uRiah Phiyega.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.