Johannesburg - Sesingconywana isimo sepulazi laseNorth West elingiphansi kukasihlalo weNational Council of Provinces uThandi Modise, kusho iNational Society for the Prevention of Cruelty to Animals (NSPCA) ngoLwesihlanu.
"Imfuyo yasepulazini isihlinzekwa ngokudla okwanele futhi ihlala ngaphansi kwesimo esamukelekile,” kusho okhulumela iNSPSA uGrace de Lange esitatimendeni.
"Sekuqinisekisiwe ukuthi abaphathi benze konke
njengokomyalelo weNSPCA,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Umfundisi ubanjwe oqotsheni ezitika ngoshadile.
Lokhu kungemuva kokuba amaphoyisa kanye nabeNSPCA bethole imfuyo ibulawa indlala enye isifile epulazini elingasePotchefstroom, ngoJulayi.
Ezinye izingulube ezilinganiselwa kwezingu-85 zaseziqala ukudlana
zodwa, kanti kwabikwa nokuthi zaziphuza umchamo wazo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.