Uthi wathunjwa yisigejane samadoda esendleleni eya ekhaya ephuma emsebenzini, amgxavuna amfaka ngemuva emotweni, amuthumba amahora, emsabisa ngokumbulala emkhombe ngesibhamu.
Izigebengu zathatha amakhadi akhe asebhange nemoto yakhe, zakhipha yonke imali eyayisemakhadini ngemuva kokuthi azinikeza inombolo eyimfihlo.
Uthi izigebengu lezi zabe sezimehlisa endaweni angayazi, iyidliva imvula.
OLUNYE UDABA: Ibalekise abaduni intombazane, 5, imemeza
Isisulu, uNombuso Mngomezulu, uthi wayekhihla isililo encenga izigebengu ukuba zingambulali ngoba unengane encane.
Isigameko lesi senzeka ngoJuni 2013.
Abamangalelwa kuleli cala ngoNhlanhla Mkhize, 23, Nkosinathi Mkhize, 22, noXolani Shezi, 20, bonke ngabaseStanger.
Laba basolwa ngamanye amacala okubulala, ukugqekeza nokuphanga.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho