Johannesburg - Inhlwathi enesisindo esingu-30kg, ibe nobude obungu-3.8 metres, negama layo nguBubbles, itholakale ihleli izisonge kahle ngasendlini yayo, ngemuva kokuthi inyamalale isikhathi esingaba wusuku.
UBubbles waduka esitolo sezilwane esisenxanatheleni yezitolo i-Oakfields Shopping Centre, eBenoni.
"Inyoka itholakale namuhla ekuseni (ngoLwesine). Umuntu osebenza esitolo uyithole ngaphakathi izisongile ihleli," kusho umniniyo uMark McGill, etshela abezindaba zeSapa.
UMcGill uthi abamazi ukuthi ubenyamalale waya kuphi uBubbles kanti kucingwe isitolo sonke, wangatholakala.
"Angimazi ukuthi ubekuphi, sisalinde ukuhlolwa kwamakhamera okungase kusibonise ukuthi kwenzekeni ngaye," kuchaza uMcGill.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.