Johannesburg – Uthe akakwesabi ukuboshwa owesilisa obanjwe oqotsheni entshontsha amakhebuli kagesi emgwaqweni eGoli.
Ngokubika kweSowetanlive kusolakala ukuthi lo mlisa ngemuva kokubanjwa oqotsheni uzame ukubaleka kodwa amalungu omphakathi e-Community Policing Forum ambamba.
Kwi-video eqoshiwe lo mlisa uzwakala ethi akakwesabi ukuboshwa.
OLUNYE UDABA: Kuvele ukuthi amawele anobaba abahlukene enkantolo
“Ngiyiseni ejele engisabi. Ngizofika khona ngizibhemele insangu,” esho.
Uma ebuzwa ukuthi kungani entshontsha amakhebuli kagesi uphendula ngokuthi “Kungani ninganginikezi umsebenzi?”
- "Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho