Durban – UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uWillies Mchunu, uthi iyakhathaza kakhulu indaba yokunyuka kwezigameko zobugebengu eMgungundlovu.
UMchunu ubephawula kulandela imibiko ethi amaphoyisa asesiteshini samaphoyisa esisenkabeni yedolobha abone ukukhula kwezigameko zobugebengu kule nyanga eyedlule.
OLUNYE UDABA: Ubugebengu bukhubaza umnotho - Uhulumeni
Zibalelwa ku-60 izigameko ezibikiwe, okubalwa kuzo ukubulala, ukushaya nokudlwengula.
UMchunu unxuse iziphathimandla zezomthetho ukuba sisebenzisane nazo zonke izinhlaka zomphakathi ukuguqula isimo.
"Ubugebengu abamukelekile. Njengoba lezi zigameko ziqhubeka nokwenzeka lokho kuchaza ukuthi kumele sibumbane ukuze silwisane nalesi sihlava.”