Johannesburg - Indodana kaMengameli Jacob Zuma, uDuduzane, kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesihlanu mayelana necala lokufa komuntu.
UDuduzane kusolakala ukuthi washayisa itekisi eRivonia, eGoli, ehamba ngePorsche, le tekisi yalala amankeyane.
Kwashona umuntu oyedwa kwathi abathathu balimala.
Ngaleso sikhathi, okhulumela amaphoyisa kamasipala uChief Superintendent Wayne Minnaar wathi iPorsche yangena ngemuva itekisi ku-M1, kuGrayston Drive.
Ngenyanga eyedlule, i-NPA yanqaba ukushushisa uDuduzane ngenxa yokushoda kobufakazi.
Yathi leli cala lizodluliselwa emantshini nokuyiyona ezonquma ukuthi ngabe le ngozi yadalwa yiphutha lomuntu na.
UDuduzane akazange afike enkantolo ngo-Agasti 12 yize ayelindelwe.
INational Prosecuting Authority yazwakalisa ukudumala ngesenzo sakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter