Durban – Abezimo eziphuthumayo sebexwayise ngokushisa okukhona KwaZulu-Natal, njengoba ezinye izingxenye zesifundazwe izinga lokusisa lifinyelele ngaphezulu kuka-40 degrees Celsius ngoLwesibili.
Okhulumela abe-EMS uRobert McKenzie uthe edolobheni laKwaDukuza, enyakatho yeTheku, amazinga okushisa afinyelele ku-44 degrees emini.
Funda nalolu daba: Kulimale amadoda achithwe yiveni kuN1
"Sifuna ukuxwayisa abantu ngokuthi kumele bahlale bephuza amanzi. Ungawaphuzi kuphela amanzi uma sewomile, kunalokho hlala uwaphuza njalo,” usho kanje.
"Abantu kumele bagweme futhi ukushiya izingane nezilwane ezifana nezinja ezimotweni, noma ngabe yisikhashana nje. Namhlanje, phuza okungenani amalitha mabili amanzi, ungagqoki izingubo ezinombala omnyama.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.