UNobhala weMalamulele Task Team u-Isaac Nukeri uthe izakhamuzi zidinwe zikhahlela izidindi.
"Izakhamuzi zidinwe zithelwa ngamanzi yisinqumo sikahulumeni. Sizozama ukugcina ukuthula kuleya ndawo bese siqhamuka nomhlahlandlela emhlanganweni ozobanjwa ngo-14:00,” kusho uNukeri.
OLUNYE UDABA: Kuqubuke umbhikisho eMvutshini e-KZN
NgoLwesihlanu, iMunicipal Demarcation Board (MDB) imemezele ukuthi ngokomthetho iMalamulele ngeke ikwazi ukuba nomasipala wayo yodwa.
Izakhamuzi zibe sezivuka umbhejazane zavala imigwaqo ngamathayi avuthayo namatshe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter